i Obukhiqizwayo, noma obuthengiswa njengotshwala uma nje buqukethe ngaphezulu kwephesenti elilodwa lomthamo wotshwala; noma ii Obumenyezelwe njengotshwala ngaphansi kwesigaba 5 2.
ukwabiwa kushiwo ukuthengisa noma ukulethwa kweziphuzo ezidakayo kumabeli noma umthengisi othengisa ngamacozucozu.
ingane '' kushiwo umuntu ongakayihlanganisi iminyaka eyi- 18, noma iminyaka engaphezulu kwalena emiswe ngumthetho wesifundazwe oqondene.
b noma isiphi isenzo noma isenzo esiphazamisa ukuthula noma udlame emphakathini.
loMthetho  kumbandakanywa noma iyiphi isheduli, nemithethonkambiso ekhishwe ngaphansi kwaloMthetho.
ukwehlukahlukana kobunini embonini; kanye iii nomoya wokuzibophezela kwabantu kulemboni.
a Kumuntu obhalisiwe noma ifemu ethenga kwamanye amazwe noma ekhiqiza noma efaka emabhodleleni noma ithengise, iziphuzo ezidakayo ngaphezu komthamo onqunyiwe, noma b Umuntu noma ifemu efisa ukubhaliswa, futhi ebona ukuthi ngemuva kokubhaliswa, izothenga kwamanye amazwe noma ekhiqiza noma efaka emabhodleleni noma ithengise, iziphuzo ezidakayo ngaphezu komthamo onqunyiwe.
UNgqongqoshe, angakhipha isaziso epbhephabhukwini loMbuso , enquma umthamo wophuzo oludakayo ngokwenhloso yesigatshana 2.
UNgqongqoshe kufanele alawule ukukhiqizwa nokwabiwa kweziphuzo ezidakayo ngokusho kwaloMthetho.
Uma ngabe isifundazwe sishaye umthetho ohlangabezana nezidingo zesigaba 5, isigungu esilawulayo sesifundazwe esisungulwe ngokwalowo mthetho kufanele silawule abakhiqizi abasafufusayo, abathengisa ngamacozucozu kanye nokuphuzwa kophuzo oludakayo kulesi sifundazwe ngokuhambisana nalomthetho kanye nomthetho wesifundazwe oqondene.
zivumele abantu abafisayo ukuba bahlole ibhuku lokubhaliswa futhi benze nomfanekiso noma ingxenye yalelo bhuku ngemuva kokukhokha imali enqunyiwe ; nokuthi iii zibikele uNgqongqoshe ngemininingwane okukhulunywa ngayo kusigatshana i okungenani kanye ngonyaka ; nokuthi i zisungule izindlela ezanele zokuqinisekisa ukuqaphwa nokugcinwa kwaloMthetho nemithethi yezifundazwe.
Ngokwenhloso yaloMthetho, umthetho wesifundazwe ngeze wamisa imnyaka yobudala engaphansi kwama 18.
Umuntu kufanele akhiqize, abele , athengise ngamacozucozu, noma alethele noma abe nesipiliti esixutshiwe ngokuhambisana nemithethonkambiso.
Ngaphandle uma lokho okusamanzi kuyisithako esinqunyiwe esivumelekile ukuba singengezwa uma kwenziwa noma kukhiqizwa leso siphuzo esidakayo.
Umuntu angeze akhiqiza, abele noma athengise ngamacozucozu, noma alethele noma isiphi isithako esibizwa ngesiphuzo esidakayo uma ngabe lesi sithako singazange sincazwe kuloMthetho.
Ukwephula lokhu okushiwo yilesi sigaba kuyicala.
Lokhu okushiwo yilesi sigaba akusebenzi kubakhiqizi botshwala bamabele.
Umuntu obhalisiwe ngeze amukela ukulethelwa iziphuzo ezidakayo ezingabizwanga yilowo muntu obhalisiwe.
Umkhiqizi obhaliswe noma umkhiqizi osafufusa kufanele agcine iziphuzo ezidakayo endaweni yabo eceleni noma ingxenye yendawo yokukhiqiza eqokelwe leyo nhloso yithethonkambiso noma imibandela yokubhaliswa.
Umabi obhalisiwe kufanele agcine iziphuzo ezidakayo kuphela endaweni eqokelwe lokho kumithethonkambiso noma imibandela yokubhaliswa.
Ukwephula lokhu okushiwo yilesi sigaba kuyicala.
Nakuba eminye imithetho ingathini noma isivumelwano esiphikisana nalokhu , umuntu obhalisiwe angeze aqasha umuntu ongakabi neminyaka eyi-16 ukuba asebenze endweni lapho kuthengiswa khona utshwala ngaphandle uma lowo muntu oqashiwe ezoqeqeshwa njengoba kushiwo esigabeni 16 soMthetho wokuThuthukiswa kwamaKhono ka 1998 uMthetho ongunombolo 97 ka 1998.
ezithengwe yilowo msebenzi noma ngomunye umuntu ethengela lowo msebenzi.
Ukwephula lokhu okushiwo kulesi sigaba yicala.
Ukwephula lokho okushiwo yilesi sigaba kuyicala.
b ezithengisayo ngendlela engahambisani nokushiwo yiloMthetho noma umthetho wesifundazwe oqondene; noma c ngendlela okuhloswe ngayo ukuba kuheheke izingane.
Umuntu angeze akhangisa isithako esithile njengesiphuzo esidakayo uma leso sithako singesona isiphuzo esidakayo.
Ukwephula okushiwo kulesi sigaba kuyicala.
Umthengisi othengisa ngamacozucozu akufanele athengisele noma alethele izingane iziphuzo ezidakayo.
Umuntu akufanele alethele ingane iziphuzo ezidakayo, ngaphandle uma lowo muntu engumzali noma umbheki/umqaphi waleyo ngane.
Umuntu kufanele athathe izinyathelo ezilindelekile ukuze abhekisise ukuthi umuntu othile uyingane noma qha, ngaphambi kokuba amthengisele noma anikeze lowo muntu iziphuzo ezidakayo.
Ingane akufanele ikhuluma amanga ngeminyaka yayo ngenhloso yokuheha umuntu ukuba ayithengisele noma ayinikeze iziphuzo ezidakayo.
Umuntu akufanele akhulume amanga ngeminyaka yengane ngenhloso yokuheha omunye umuntu ukuba athengisele noma anikeze leyo ngane iziphuzo ezidakayo.
Ukwephula lokhu okushiwo yilesi sigaba kuyicala.
c noma iyiphi enye indawo ekhethiwe okuvinjelwe ukuthengiswa nima ukunikezela ngeziphuzo ezidakayo ngaphansi komthetho wesifundawe oqondene.
Ukwephula lokho okushiwo kulesi sigaba kuyicala.
Umuntu akufanele adakwe bese eba nobudlovungela endaweni ebhalisiwe.
Umhloli angayala umuntu obhalisiwe noma othengisa iziphuzo ezidakayo ngamacozucozu kuba avale leyo ndawo ebhalisiwe noma isikhathi esingakanani uma umhloli ekholelwa ukuthi kungase kube nokuphazamiseka kokuthula eduze naleyo ndawo.
Umuntu kufanele alandele isiyalo esikhiswe ngokwesigatshana 1 ngenhla ngokushesha.
Noma isiphi isyalo esikhishwe ngaphansi kwesigatshana 1, kufanele sihoxiswe ngokushesha ngemuva kokuphela kwaleso simo ebesiholele ekukhishweni kwaleso siyalo.
Ukwephula lokho okushiwo isigatshana 2 kuyicala.
Umuntu akufanele akhiqize noma abe ngumabi weziphuzo ezidakayo uma ngabe lowo muntu engabhalisiwe ukuba enze njalo ngaphansi kwaloMthetho.
Ukuphula lokhu okushiwo yilesi sigaba kuyicala.
b njengomabi weziphuzo ezidakayo.
Umuntu angeze abhaliswa ukuba ebe ngumkhiqizi noma umabi weziphuzo ezidakayo emagcekeni noma endaweni eyodwa.
Umuntu ongavinjelwe ngokwesigaba 16 ngafaka isicelo sokubhaliswa ngokuthumela isicelo sakhe kuNgqongqoshe ngendlela nangefomu elinqunyiwe.
a dinga eminye imininingwane yokwesekela isicelo; futhi b chitha isicelo uma ngabe lowo ofake isicelo engayilethi imininingwane okukhulunywa ngayo kusigatshana a.
a ukuthi lowo ofake isicelo; nokuthi b Iyiphi imibandela uma ikhona engayibeka kulokho kubhaliswa.
a ukuthi lowo ofake isicelo unalo yini ikhono noma izidingo ezifanele zokunquba ibhizimisi ehlongozwayo ozobhaliselwa.
b ubunjalo nesimilo salowo ofake isicelo.
v ukuthengisela amanye amazwe angaphandle; noma vi ukuqophisana kulemboni yeziphuzo ezidakayo.
Ngaphezu kwalokho okushiwo kusigatshana 3, uma ngabe lowo ofake isicelo kuyifemu enomqondisi, amalunga, ababambeli, abalingani, noma amalunga eBhodi noma umgwamanda ophethe abangena ngaphansi kohlobo lwabantu okukhulunywa ngalo esigabeni 16 a kuya ku c, uNgqongqoshe angaphakamisa imibandela eyenzelwe ukuba lowo muntu angasebenzisi amandla okuthatha izinqumo mayelana nemisebenzi yokubhlaiswa okuhlongozwayo.
b avume isicelo ngaphansi kwemibandela elindelekile nefanele uma kubhekisiswa inhlosonqangi yaloMthetho, isimo okufakwe ngaphansi kwasi isicelo kanye nalokho okushiwo esigabeni 19; noma c achithe isicelo leso.
Uma uNgqongqoshe echitha isicelo, kufanele anikeze lowo obefake isicelo izizathu ezibhaliwe ngesinqumo sakhe.
Uma ngabe uNgqongqoshe ephakamisa ukuba kubekwe imibandela kulokho kubhaliswa, kufanele ezise lowo ofake isicelo ngaleyo mibandela ehlongozwayo kanye nezizathu zokuhlongozwa kwayo.
b esinye isikhathi eside esingavunywa nguNgqongqoshe uma kunezizathu ezizwakalayo.
Akhiphe isinqumo sokugcina ngemibandela okufanele abhaliswe ngaphansi kwayo lowo ofake isicelo.
i ngabe uNgqongqoshe ekuchithile ukubhaliswa kwalowo obefake isicelo, noma ii UNgqongqoshe ecibiyele imibandela ebihlongoziwe.
Isitifiketi sokubhaliswa esamukelekile ngokomthetho, noma umfanekiso waso oqinisekisisiwe, singubufakazi obanele bokuthi lowo muntu ubhaliswe ngaphansi kwaloMthetho.
uma kade kuyifemu, uma iwa noma ichitheka ; noma iii ukubhaliswa kwesulwa ngaphansi kwaloMthetho.
Umuntu obhalisiwe kufanele akhombise ukuthi ubhalisiwe kanye nenombolo yokubhaliswa kuwo wonke emaphepha noma izincwadi zebhizimisi.
a Lowo muntu obhalisiwe noma ifemi okuzodluliselwa kuyo ukubhaliswa lokho ifaka isicelo ngendlela nangefomu elinqunyiwe sokuba kuvunye noma kuphasiswe ukwedluliswa lokho.
b Umuntu noma ifemu okuzodluliselwa kuyo ukubhaliswa ingavinjelwe ngaphansi kwesigaba 16; futhi c UNgqongqoshe esebhekisise futhi wavuma isicelo sokudluliswa kokubhaliswa.
Izigaba 182, 19 no 20, leso naleso sifunda ngokwenza ushihtsho olufanele, ziyakusebenza ekufakweni kwesicelo ngaphansi kwesigatshana 1.
Uma ngabe umuntu obhalisiwe noma ifemu ithola noma ichitha inzuzo yayo komunye umuntu obhalisiwe noma ifemu ebhalisiwe ngaphansi kolunye uhlelo, noma uma ngabe abantu ababhalisiwe ababili noma ngaphezulu besungula ibhizimisi ngokubambisana ngokubhaliswa okwehlukile kulokho kubhaliswa abanakho ngamunye, umuntu obhalisiwe noma aifemu kufanele yazise uNgqongqoshe ngendlela nangefomu elinqunyiwe.
UNgqongqoshe kufanele abhekisise leso saziso esenziwe ngokwesigatshana 3, ngokulandela inqubo emiswe esigabeni 193d, kanti angavumela, amise imibandela noma achithe lokho obekuhlongozwa.
Isigaba 20, ngokufundwa noshintsho oludingekayo ngokwengqikithi, siyakusebenza kusinqumo sikaNgqongqoshe esithathe ngokwesigatshana 4.
Umuntu obhalisiwe ofaka isicelo sokubhaliswa noma selayisensi yokuba ngumthengisi wamacozucozu ngaphansi komthetho wesifundazwe oqondene kufanele azise uNGqongqoshe ngalesi sicelo ngendlela nangefomu enqunyiwe.
i bukeze ukubhaliswa ngenxa yoshintsho oluhlongozwayo , futhi wabe esevumela noma ephasisa isicelo leso ngaphansi noma ngale kwemibandela emisha; noma ii ukubeka eceleni/ukuyeka isidingo sokubuyekeza kokubhaliswa.
Zingakapheli izinsuku ezingama- 30 ngemuva kokuthola isaziso okukhulunywa ngaso kusigatshana 2, uNgqongqoshe kufanele azise lowo muntu ofake isicelo ukuthi uzokubuyekeza yini ukubhalisiwa noma uzosibeka eceleni isidingo sokubuyekezwa.
Isigaba 182, 19 no 20, yileso nayileso sifundwa ngokufaka ushintsho oludingekayo ukuze kuhambisane nengqikithi, siyakusebenza kulesi saziso esiyokwenziwa ngokwalesi sigaba.
b umphathi noma uMcozululi wefa lowile; kanye c nombheki wefa lomuntu othikamezeke ingqondo.
a angaqhubeka nokusetshenziswa kwebhizimisi egameni lalelo fa; noma b enze iziphakamiso kuNgqongqoshe ngokwesigaba 22, sokuba kudluliselwe komunye umuntu ofanele ukubhaliswa.
Noma imuphi omunye umuntu angafaka isicelo kuNgqongqoshe ngendlela enqunyiwe sokuba kuqashwe umuntu ozoqhuba umsebenzi webhizimisi lomuntu obhalisiwe, kusalindelwe ukuqokwa komphathi wefa okukhulunywa ngaye kusigatshana 2.
b engakaqokwa umphathi; futhi c kunezizathu ezizwakalayo okukholelwa kuzo ukuthi umphathi uzoqashwa.
Umuntu oqashwe ngokwesigatshana 3, ngenhloso yokuqhubeka nokuphatha ifa, angaqhubeka nomsebenzi webhizimisi elibhalisiwe egameni lefa kuze kufike isikhathi lapho kuqokwa khona umphathi okukhulunywa ngaye kusigatshana 2.
UNgqongqoshe anganquma imali yokubhliswa ekhokhwa ngonyaka, engahluka hluka ngokwenqubo emiswe nguNgqongqoshe.
b Engahlangabezananga nokufanele akwenze ngokohlelo lokuhlomulisa abansundu kwezomnotho, futhi ehluleka ukunikeza izizathu ezizwakalayo zokwehluleka kwakhe ukwenza lokho.
c Uhlulekile ukuhlangabezana noma ukufeza izinhlelo ezimayelana nokuqedwa kokusetshenziswa kweziphuzo ezidakayo ngokweqile noma ephule umgomo wokuziphatha futhi ehluleka ukunika izizathu ezizwakalayo zokwehluleka ukwenza lokho.
Ngaphambi kokuba uNgqongqoshe abeke imibandela ngokwesigatshana 1 b no c, uNgqongqoshe kufanele anikeze lowo muntu obhalisiwe isikhathi esanele sokuba alungise lokho okungalungile ezenzweni zakhe.
Isigaba 20 3-6, leso nayileso sifundwa ngokwenza ushintsho olungadingwa yingqikithi, siyakusebenza eziphakamisweni zikaNgqongqoshe ebeka imibandela ngaphansi kwalesi sigaba.
b ngokuzikhethela yilowo muntu obhalisiwe ngokwesigaba 28; noma c ngenxa yokucozululwa kwefa, ukuqoqwa noma ukuchithwa ngokwesigaba 29.
c ephula umthetho ngokuphindaphinda noma ehluleka ngokuphindaphindiwe ukuhlangabezana nezibopho ezibekwe esigabeni 193b noma c; noma d Engahambisani nalokho okushiwo yiloMthetho.
a enikwe isinqumo ehambisana nezasizo esinikwe ngokwesigaba 38, futhi i ehlulekile ukwenza okushiwo yileso saziso; noma ii engasiphikisanga isaziso ngokwesigaba 39; noma b Uma esiphikisile i ehlulekile ukulandela isinqumo sikaNgqongqoshe esikhishwe ngokwesigaba 39 4; noma ii engaphumelelanga ekwadluliseni undaba lwakhe lokuphikisa isinqumo ngaphansi kwesigaba 40.
b izizathu zokwesulwa; kanye c nosuku asulwe ngalo.
a Asule isitifiketi sokubhaliswa; futhi b Acibiyele ibhuku lokubhaliswa ngokufanele.
Ukubhaliswa kuthathwa njengokwesuliwe kusukela ngosuku uNgqongqoshe asule ngalo isitifiketi sokubhaliswa, okuyisona nokufanele sisho usuku olunqunywe yolowo muntu obhalisiwe uma ukwesulwa kwenziwa ngokuzikhethela ngokwesigaba 28.
a esho inhloso yakhe yokukhetha ukwesula kanye nezizathu ezenza afune ukusulwa; futhi b abeke usuku okufanle lungabi ngaphansi kwezinsuku ezinga-60 kusukela osukwini lwesaziso , afuna ukwesulwa ngalo.
Uma ngabe ifa lomuntu obhalisiwe liqoqwa noma lichithwa ngale kokwedluliswa kokubhaliswa njengoba kubekiwe esigabeni 22, umphathi wefa kufanele azise uNgqongqoshe ngendlela ngangefomu elinqunyiwe ngalokhu, zingakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela kucozululwe , kuqoqwe noma kuchithwe ifa.
Ngemuva kokuthola isaziso ngokwalesi sigaba, uNgqongqoshe kufanele asule ukubhaliswa lokho.
Noma imuphi umuntu angafaka isicelo eNkantolo ePhakeme ukuze kubuyekezwe isinqumo sikaNgqongqoshe esenziwe ngokwalesi Sahluko.
Umuntu angafaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo kuphela uma zingakapheli izinsuku ezingama-60 ngemuva kokuthathwa kwesinqumo.
Inkantolo ePhakeme ingakuvumela ukufaka kwesicelo sekwedlule isikhathi uma kunezizathu ezizwakalayo.
Ngaphezu kwanoma yiziphi izinqumo ezingenziwa yinkantolo ebhekene nokubuyekezwa, iNkantolo ePhakeme ingenza isinqumo sokuchitha noma imuphi umbandela wokubhaliswa, uma ngabe inganelisekile ukuthi umbandela lowo ufanele nokuthi ulungile uma kubhekisiswa inhlosonqangi nezinjongo zaloMthetho, isimo sokufaka kwesicelo kanye nalokho okushiwo isigaba 19.
b abacibiyele noma bashintsha ukubhaliswa kwabo; noma c ukubhaliswa kwabo okwesuliwe.
b okubhaliswa kwabo kwesuliwe ngalowo nyakamali; kanye c nalabo abesulwe ngokuzikhethela noma labo amafa abo aqoqiwe noma ehlukanisiwe ngalowo nyakamali.
a hlola umfanekiso wesitifiketi sokubhaliswa esikhishwe ngaphansi kaoMthetho; futhi b angazitholela umfanekiso waso uma nje ekhokha imali enqunyiwe.
a angaqoka umuntu njengomhloli, ozoba negunya ngokujwayelekile noma elithile lokusebenzisa amandla ngaphansi kwaloMthetho; futhi b kufanele anikeze lowo nalowo mhloli isitifiketi ngendlela enqunyiwe esishoyo ukuthi lowo muntu uqokwe njengomhloli futhi unegunya lokusebenzisa amandla okukhulunywa ngawo esigabeni a.
Isitifiketi esamukelekile esikhishwe ngaphansi kwesigatshana 1 b singubufakazi obanele begunya lomhloli obhalwe kuleso sitifiketi.
Uma ngabe esebenzisa amandla anikezwe wona ngokwalesi sahluko, umhloli unesikhundla esithi asifane naleso sesiphathimandla sokuthula esichazwe esigabeni 1 soMthetho weNqubo yoBugebengu ka 1977, uMthetho ongunombolo 51 ka 1977.
c ahlole noma imaphi amaphepha...
f ngokwenhloso yokuhlola, angathatha izithombe, noma aqophe umsindo wanom yini, noma ubani , noma inqubo noma isimo esithintekayo ekuhlolweni mayelana nendawo noma amagceke athile; futhi g enze noma yini edingekayo ukuze kuqhutshwe lokho kuhlolwa.
a ikhiphe irisidi yalokho akususile anikeze umnini wendawo noma lowo ohlala khona ; futhi b ngaphandle uma kuyisampula okukhulunywa ngayo kusigatshana 2 e, ayibuyisele ngokushesha ngemuva kokuba esekwenzile abefisa ukukwenza ngayo.
Umhloli angaphelezelwa yilunga loMbutho wamaPhoyisa waseNingizimu Afrika ngesikhathi enza ukuhlolwa noma ngumuphi omunye umuntu okungadingeka ukuba asize ekuqhubeni uphenyo noma ukuhlolwa.
Umhloli angangena kunoma iyiphi indawo noma amagceke uma ngabe imantshi ekhiphe iwaranti yokwenza njalo ngokusho kwesigatshana 2.
a indawo noma amagceke lapho kuzongenwa khona kuhlolwe; futhi b igunyaze umhloli ukuba angene ahlole kuleyondawo nokuthi enze noma yini okukhulunywa ngayo esigabeni 32.
c Inhloso ebikhishelwe yona ingasekho; noma d sekuphele izinsuku ezingama-90 kusukela ngosuku eyakhishwa ngalo.
a ngena ahlole noma iyiphi indawo/amagceke uma umnini wendawo noma umuntu ophethe evuma; noma b njenqubo ejwayelekile, angangena ahlole noma iyiphi indawo ebhalisiwe i singakapheli isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha esikhathini esiwunyaka.
ngokuvamile uma umthetho umvumela ngenhloso yokuba azhlole.
Ngaphezu kokungena endaweni/emagcekeni okuvunyelwe yisigatshana 1, umhloli angangena ngaphandle kwewaranti a uma umthetho umgunyaza ukuba angene; noma c kunoma yimuphi umhlaba noma isakhiwo ekhishelwe isaziso sokugcina umthetho ngaphansi kwesigaba 38 esingakafezwa noma, ngenhloso yokuyobona ukuthi isaziso leso sesilandelwe yini.
b achazele lowo muntu ngegunya okuzohlolwa ngalo; futhi c akhombise lowo muntu isitifiketi sakhe sokuqokwa njengomhloli.
Ukungena nokuhlola ngaphandle kwewaranti kungenziwa kuphela ngezikhathi zokusebenza ezijwayelekile.
Umhloli osebenzisa iwaranti ngaphansi kwesigaba 34 anganqoba ukuvinjelwa ukuba angene endaweni noma emagcekeni ngokusebenzisa idlunzula eyamukelekile nedingekayo , okumbandakanya, ukwephula ukhiye, isivalo, iwindi kwaleso sakhiwo okuzongenwa kuso.
Ngaphambi kokusebenzisa idlunzula, lowo muntu ozohlola ngewaranti kufanele amemeze ecela ukuvulelwa futhi asho ukuthi iyini inhloso yakhe yokungena noma ukuzohloli, ngaphandle uma lowo muntu ekholelwa ukuthi ukwenza njalo kungaholela ekutheni othile ongaphakathi afihle, onakalise noma athikameze noma yini noma ngamaphepha okuyikhona okuzohlolwa.
UNgqongqoshe kufanele anxephezele noma ngubani owonakalelwe ngenxa yokusetshenziswa kwendluzula ngesikhathi kuzohlolwa uma ngabe bekungekhomuntu kuleyo ndawo ngesikhathi luzohlolwa.
Ngaphandle uma kunesimo esiphuthumayo, kungeze kwasetshenziswa idlunzula uma kuzongenwa noma kuzohlolwa ngaphansi kwesigaba 35.
Noma imuphi umuntu onamaphepha adingekayo ekuhlolweni kufanele aveze lawo maphepha uma ecelwa ngumhloli.
Umnikazi noma umuntu ohlala endaweni noma emagcekeni kufanele asize noma ngani okungadingwa umhloli ukuze anqube umsebenzi wokuhlola kahle.
Ngaphambi kokuphonsa abantu imibuzo ngaphansi kwalesi sahluko, umhloli kufanele abatshele ngamalungelo abo omthethosisekelo.
Abantu abaphonswa imibuzo ngumhloli ngokwalesi sahluko kufanele baphendule lowo nalowo mbuzo ngeqiniso nangekhono labo.
Impendulo noma incazelo enikwe umhloli ngeze yasetshenzisa noma yamukelwe ecaleni lobugebengu kulowo muntu oyinikile, ngaphandle kwenkundla lapho lowo muntu ebekwe icala eliphathelene...
b Ukwenza isitatimende esingelona iqiniso noma ukuqamba amanga; noma c ukwehluleka ukuphendula imibuzo ngokuphelele nangokwenelisayo.
a kulowo muntu obhalisiwe, noma b uma lowo muntu obhalisiwe engekho , sibhekise kumuntu ophethe leyo ndawo ebhalisiwe.
c izinyathelo okudingeka zithathwe nesikhathi okufanele zithathwe ngaso; kanye d nenhlawulo noma imali okufanele ikhokhwe enqunywe ngaphansi kwaloMthetho uma ngabe izinyathelo zingathathwanga.
Uma ngabe izidingo zesaziso sokwenza sezanelisiwe, umhloli kufanele akhiphe isitifiketi sokwenza.
Noma imuphi umuntu onikwe isaziso sokwenza angasiphikisa ngokwenza iziphakamiso ezibhekiswe kuNgqongqoshe zingakapheli...
a izinsuku ezingama-21 kusukela ngosuku lwesaziso; noma b esinye isikhathi eside esingavunywa nguNgqongqoshe uma kunezizathu ezizwakalayo.
Ngemuva kokucubungula iziphakamiso ezenziwe yilowo ophikisa isaziso neminye imininingwane efanele, uNgqongqoshe angaqinisekisa, aguqule noma asule noma isiphi isazizo zokwenza noma iyiphi ingxenye yaso.
) uNgqongqoshe kufanele athumele umfanekiso wesinqumo sakhe esenziwe ngaphansi kwesigatshana (20 kulowo ophikisa isaziso, kuthi, uma lowo ophikisa isaziso engumuntu ongabhalisiwe, asithumele kunoma imuphi umuntu obhalisiwe othintekayo yileso saziso.
Uma ngabe uNgqongqoshe eqinisekisa noma eguqula isaziso noma ingxenye yasaziso, lowo ophikisa isaziso kufanele akwenze/akugcine lokho okushiwo isaziso singakapheli isikhathi esinqunye kuleso saziso.
Lowo ophikisa isaziso angadlulisela undaba lwakhe eNkantolo ePhakeme mayelana nesinqumo sikaNgqongqoshe esikhishwe ngaphansi kwesigaba 39 3 zingakapheli izinsuku ezinga-21 kusukela ngosuku athole ngalo isinqumo.
Isinqumo esenziwe ngaphansi kwesigaba 39 3 siyamiswa kuze kuphume isinqumo sokwedluliswa kondaba.
Ngale kokuphikisana nesigatshana 1, iNkantolo ePhakeme ingakuxolelela ukudluliswa kondaba sesidlulile isikhathi esinqunyiwe uma kunezizathu ezizwakalayo.
uma ngabe ukudalulwa kwalolo lwazi kuyisinqumo senkantolo; noma iii uma ukudalulwa lokho kwenziwa ngokulandela okushiwo yoloMthetho noma iyiphi eminye imithetho.
Ukwephula lokhu okushiwo yilesi sigaba kuyicala.
a izigaba 6,7, 9,10, 11, 12, 14 2 kanye nesigaba 15 uma elahlwa yicala uyokhokha inkokhelo noma aphonswe ejele isikhathi esingekho ngaphansi kweminyaka emihlanu; noma a izigaba 8, 13, nesigaba 41 uma elahlwa yicala uyikhokha inkokhelo noma aphonswe ejeli isikhathi esingevile onyakeni owodwa.
Ngokwenhloso yesigatshana 1, ukuthi lowo muntu obhalisiwe ukhiphe isixwayiso ngesenzo noma ukungenziwa angeke kube ubufakazi obanele bokuthi kuthathwe zonke izinyathelo ezifanele ukuvimbela leso senzo noma ukungeziwa ngokuthile.
UNgqongqoshe anganquma inhlawulo uma kwephulwe loMthetho, okumbandakanya ukwandiswa kwalezo nhlawulonkokhelo zokwephula osekuphindwa.
Ukwenziwa kwecala ngaphansi kwaloMthetho lenziwa ngumuntu obhalisiwe kungukuphula imibandela yokubhaliswa.
Isigaba 43 siyakusebenza, neziguquko ezifanele mayelana nenhlawulo eyakubizwa phansi kwalesi sigaba.
Uma ngabe uNgqongqoshe esebize inhlawulo kumuntu othile ngaphansi kwesigatshana 3 eyibizela noma iliphi icala ngaphansi kwaloMthetho, ngeke kusaba nokushushiswa okungenziwa mayelana nalelo cala.
Noma imuphi umuntu obizwe inhlawulo ngaphansi kwalesi sigaba angadlulisela undaba eNkantolo ePhakeme ephikisa isinqumo sikaNgqongqoshe zingakapheli izinsuku ezingama-60 kusukela osukwini lwesinqumo.
Inkantolo ePhakeme ingakuxolela ukufakwa kondaba sekwedlule isikhathi okukhulunywa ngakho kusigatshana 5 uma kunezizathu esizwakalayo.
Ukwedluliswa kondaba ngaphansi kwalesi sigaba kungambandakanya ukulalelwa kondaba kabusha nobufakazi obusha noma ngaphandle kobufakazi obengeziwe noma ulwazi.
Inkantolo ephakeme ingaqinisekisa inhlawulo enqunywe ngoNgqongqoshe noma ikhiphe esinye isinqumo ebona sifanele.
Uma ngabe umuntu edlulisa undaba ephikisa isinqumo sikaNgqongqoshe ngaphansi kwesigatshana 5, lokho kudluliswa kumisa izibopho sokukhokha leyo nhlawuloo kuze kuphethwe endaba olwedlulisiwe.
Noma imuphi umuntu ophoqelekile ukuba akhokhe inhlawulo ngaphansi kwalesi sigaba kufanele enze njalo singakapheli isikhathi esinqunyiwe, uma ehluleka uNgqongqoshe angafaka isicelo eNkantolo ePhakeme acele ukuba leso sinqumo senhlawulo senziwe isinqumo senkantolo.
Imali yenhlawulo eseyenziwe isinqumo senkantolo ingabizwa noma ikhokhwa njengemali eyisigwebo senkantolo ecaleni lombango.
c uMqondisi-jikelele, noma umsebenzi woMnyango oqokwe nguMqondisi-jikelele; kanye d nelunga leziPhathimandla zoPhuzo oludakayo kuleso naleso sifundazwe.
UNgqongqoshe nguyena uyakuba ngusihlalo woMkhandlu.
Umkhandlu uyinkundla yokubambisana phakathi kwemingangoo kahulumeni okukhulunywa ngakho esigabeni 41 1 h soMthethosisekelo.
noma iluphi olunye undaba olungadluliselwa kuwona ngamalunga oMkhandlu.
b ukuthuthukisa nokwenza lula ubudlelwano phakathi kohulumeni mayelana nemboni yotshwala; kanye c nokwenza- lula ukuxazulula kwezinkinga phakathi kohulumeni eziphathelene nemboni yezophuzo oludakayo.
UNgqongqoshe angabiza umhlangano woMkhandlu noma ingasiphi isikhathi, kodwa kufanlele abize okungenani imihlanago emibili kulowo nalowo ngonyakamali.
UNgqongqoshe angaqoka noma imuphi umhlangano womkhandlu ukuba kube umhlangano wawo wonke amalunga, noma kube ngowamalunga anelungelo lokuvota.
Ilunga elingenalo ilungelo lokuvota lingakhomba umbambeli kuziphathimandla eziqondene ozolimela emhlanganweni wamalunga.
Umkhandlu ungamema amalunga angenalungelo lokuvota ukuba athamele umhlangano woMkhandlu.
Njenkundla lapho imikhakha kahulumeni kazwelonke nezifundazwe bebmbisana khona omunye nomunye ngokwethembeka nobuhle, uMkhandlu kufanele uzame ukwenza izinqumo ngokuvumelana.
Uma ngabe uMkhandlu uhluleka ukufinyelela esivumelwaneni, ungaxaxulula lolo ndaba ngokuvota.
a nguNgqongqoshe; kanye b Okungenani amalunga amahlanu oMkhandlu anelungelo lokuvota.
Ngokuhambisana nesigatshana 1 nesigatshana 7, umkhandlu ungazimisela imigomo yawo yokunquba imihlangano yawo.
Ngokubonisana nelunga leKhabhinethi elibhekele ezempilo uNgqongqoshe anganquma indlela nokufanele kubhalwe kuzaziso zoMphakathi ngezempilo okufanele zikhangiswe ezindaweni...
a ezibhaliswe ngaphansi kwaloMthetho; kanye b n ezinikwe amalayisensi noma ezibhaliswe ngaphansi komthetho wesifundazwe.
abantu abanamalayisensi noma ababhaliswe ngaphansi komthetho wesifundazwe; kanye iii nalabo abanezitifiketi zokuthenga iziphuzo ezidakayo kwamanye amazwe ngaphansi kwesigaba 16 soMthetho weMikhiqizo yoPhuzo oludakayo ka-1989.
i amemezele ukuthi noma isiphi isithako noma isiphuzo esivutshelwe singutswala noma utshwala bamabele ; noma ii amemezele ukuthi isipiliti esithakwe njengomuthi noma ngamakha noma esithakwe yinoma kanjani ukuthi siyisipiliti esixutshiwe.
i edingekayo noma evunyelwe yiloMthetho; noma ii edingekayo noma efanele ukuze kufezeke inhlosonqangi yaloMthetho.
a athathe izinyathelo ezidingekayo ukuze azise noma yibaphi abantu okungenzeka bathinteke noma baphazamiswe yilowo mthethonkambiso futhi abanxuse ukuba bebeke imibono yabo.
b akhiphe lowo mthethonkambiso noma isaziso ePhephabhukwni loMbuso futhi ameme umphakathi ukuba uveze imibono; futhi c acubungule yonke imibono ayitholile noma izincomo ezenziwe nguMkhandlu.
Uma ngabe omunye umthethonkambiso, ngale kwalowo okukhulunywa ngawo kusigaba 50 1 uthinta isifundazwe, lowo mthethonkambiso kufanele wenekwe phambi komkhandlu ukuze uwucubungule.
Ngokuhambisana nesigaba 36 , uhulumeni noma uphiko lukahulumeni noma umuntu osebenzisa amandla noma owenza umsebenzi wakhe ngokwaloMthetho , ngeke aphoqeleka ngokomthetho ukukhokhela ukulahlekelwa noma amademeshe avele ngenxa yokwenza noma ukungezi lutho owenzeka ekusebenziseni amandla lawo noma ukwenza umsebenzi.
UNgqongqoshe angadlulisa noma imaphi amandla, ngaphandle kwamandla okwenza imithethonkambiso, ewadlulisela kuMqondisi-Jikelele noma isikhulu soMnyango kaZwelonke esibhekele izindaba zophuzo oludakayo esiqokwe nguMqondisi-Jikelele.
Ukwedluliswa kwamandla ngaphansi kwesigatshana 1, ngeke kwamvimbela uNgqongqoshe ukuba akwesule lokho kwedluliswa bese ewasebenzisa yena lawo mandla.
Uma ngabe uNgqongqoshe edlulisa amandla ngaphansi kwesigatshana 1 , umuntu ophazanyiwe yisinqumo somuntu okwedluliselwe kuye amandla angafaka isikhalo ngaleso sinqumo kuNgqongqoshe.
Ukwedluliswa kondaba okukhulunywa ngakho kusigatshana 3 kufanele kufakwe kuNgqongqoshe zingakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela lowo muntu azisiwe ngesinqumo leso.
uNgqongqoshe kufanele acubungule lolo ndaba ngokulandela inqubo emiswe kanti angakhipha isinqumo kuphela ngemuva kokuba esevumele futhi wanika ithuba bonke abathintekayo ukuba benze iziphakamiso.
Imithetho okukhulunywa ngayo kuSheduli 2 iyasulwa njengoba kukhonjisiwe ohleni lwesithathu lwaleyo Sheduli.
i leso sifundazwe esiyokhipha ngalo umthetho okukhulunywa ngawo esigabeni 56 1.
Ngokuhambisana nesigaba 55, lokho okushiwo kuSheduli 1 kuyosebenza okwesikhashana phakathi kwesikhathi kusulwe imithetho kube kusalindelwe kuqala kokusebenza kwaloMthetho.
a igunyaza ukukhiqizwa noma ukwabiwa kophuzo oludakayo; futhi b ibisebenza ngaphambi kokuqala ukusebenza kwaloMthetho.
a mkhiqizi; noma b umabi.
Ungakapheli unyaka uqalile ukusebenza lomthetho, umuntu olayisensi lakhe liguqukile ngokwesigatshana 2 kufanele ecele uNgqonqgoshe ukuba abuyekeze ilayisensi, ngefomu nangendlela enqunyiwe lokubhaliswa kwalowo muntu ngaphansi kwaloMthetho.
Uma kuqhutshwa ukubuyekezwa okukhulunywa ngakho kusigatshana 4, uNgqongqoshe kufanele abhekisise ukuthi lowo muntu obhalisiwe unebhizimisi eliphelele futhi kufanele asebenzise lokho okushiwo isahluko 3, uma sifundwa ngoshinstho oludingwa yingqikithi.
LoMthetho uyakubizwa ngoMthetho weziPhuzo ezidakayo ka-2003, kanti uyoqala ukusebenza ngosuku oluyakunqunywa nguMongameli ngokukhipha isimemezelo ePhephabhukwini loMbuso.
a angamisa izinsuku ezahlukene mayelana nezifundazwe zokwesulwa kwemithetho okukhulunywa ngayo esigabeni 542a; futhi b angamisa lezo zinsuku mayelana nesifundazwe esithile uma umkhandlu wenqubomgomo yophuzo oludakayo kuzwelonke imaluleka ukuthi leso sifundazwe sesikhiphe umthetho ohlangabezana nezidingo zesigaba 5.
Uma esikhathini esithile ngaphambi kokusulwa kwemithetho okukhulunywa ngayo esigabeni 54 (a) mayelana nesifundazwe esithile, lokhu okushiwo yilomthetho kuphambana noMthetho obalulwe kuSheduli 2, lokhu okushiwo yiloMtheto yikhona okuyosebenza.
Noma isiphi isiyalo esenziwe ngokwesigaba 51 soMthetho woPhuzo oludakayo ka 1989, siyakuphela eminyakeni emithathu kusukela ngosuku lokuqala ukusebenza kwaloMthetho.
Noma ukuphi ukuvunyelwa okwenziwe ngaphansi kwesigaba 158 soMthetho wezoPhuzo oludakayo ka-1989, siyakuphela ngomhlaka 31 kuDisemba onyakeni olandela unyaka okuqale ngawo ukusebenza kwaloMthetho kanti futhi kusukela ngalolo suku ngeke kusasebenza.
Ngokuhambisana nesigatshana , noma isiphi isicelo noma undaba olutholwe iziphathimandla zasekhaya ngaphansi koMthetho woPhuzo oludakayo 1989, ngaphambi kokuqala ukusebenza kwaloMthetho, kufanele ziqhutshwe ngokwalowo Mthetho.
Uma ngabe umthetho wesifundazwe oqondene okukhulunywa ngawo esigaben 5 usungula izindawo noma amagceke lapho abantu noma amafemu engeke aqhuba ukuthengisa kweziphuzo ezidakayo ngamacozucozu, lowo mthetho kufanele wenze amalungiselelo esikhashana, njengokuthi lowo mthengisi ngamacozucozu othole ilayisenesi yokuthengisa iziphuzo ezidakayo kuleyo ndawo noma kulawo magceke ngaphambi kokuqala ukusebenza kwalowo mthetho angaqhubeka okungenani unyaka owodwa.
IPHEPHABHUKU LOMBUSO USUKU/INYANGA UNYAKA No.
